U ANDISWA NGWAZI UTHOLE USIZO LWEMPILO YAKHE

U ANDISWA NGWAZI UTHOLE USIZO LWEMPILO YAKHE


Namhlanje (05 March 2026) ubuholi base- Ray Nkonyeni, kuhlanganisa uMeya uKhansela Zodwa Mzindle, uSekela ehhovisi lakhe uKhansela Sibusiso Shange, kanye noSotswebhu uKhansela Teddy Hlophe, bavakashele uNkosazana Andiswa Ngwazi endaweni yase Skhaleni kwaMadlala, ku-Ward 14. Labaholi bafike banikela ngomshini ozomsiza ukuthi aphefumule kangcono (portable oxygen machine).

uNksz Ngwazi nohlala nogogo wakhe, uphila nesifo esithinta amaphaphu, nesaziwa nge pulmonary hypertension. Lesi sifo senza kube nzima ukuthi umuntu aziphefumulele ngokwakhe, kudingeka ahlale enesigubhu esimfakela i- oxygen.
Lesi simo saze saholela ukuthi unkosazane ashiye ngisho umsebenzi, ngoba isikhathi sakhe esiningi ubesesichitha esibhedlela.

Nakuba wagcina ekwazile ukuthola umshini oxhunywa kugesi bekuba nzima kakhulu uma ugesi uphelile, nokuyinto eyenzeka njalo endaweni.

UNksz Ngwazi wabe esebhala ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo ukuze abhekane nalesi simo, nokuyinto eyathinta ubuholi bukamasipala, basukumela phezulu ukufaka isandla.

Umshini omusha onikezelwe kuNksz Ngwazi namuhla uyakwazi ukuwufaka kwi- charger, okuthi uma usugcwele usebenze isikhathi esingaba amahora amane ngaphandle kukagesi. Lomshini uphinde ube nesisindo esincane kakhulu, nokwenza kube lula ukuwuphatha uma uhamba.

Ubuholi bebahamba no Nksz Suanne, omele inkampani i- VitalAire okuyiyona eyakha lomshini. Lenkampani izibophezele ukuthi nayo izomxhasa i Nksz Ngwazi ngezinye izidingo.

Ekhuluma no Nksz Ngwazi, uMeya Mzindle uthe banethemba lokuthi lomshini uzoba usizo empilweni yakhe, akwazi nokuyobona odokotela ngaphandle kokusabela impilo yakhe.
uMeya uqhube ngokuthi ithemba elikhulu elokuthi lomshini uzoshintsha isimo kuNksz Ngwazi, akwazi nokubuyela emsebenzini ngelinye ilanga.

 

Brief Information

The Ray Nkonyeni Local Municipality (previously Hibiscus Coast and Ezinqoleni Local Municipality) is a Category B municipality situated within the Ugu District in the KwaZulu-Natal Province. It is the largest of four municipalities in the district, making up a third of its geographical area.

Ray Nkonyeni Municipality

Address: 10 Connor Street, Port Shepstone, 4240, KwaZulu Natal, South Africa

Phone: +2739 688 2000
Fax: +2739 682 0327
Email: Services@rnm.gov.za